Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?
NgokukaMarku 9:44 - Contemporary Zulu Bible 2024 lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. IsiZulu 2020 Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. Baasraak Zulu New Testament Bible lapho impethu yabo ingafi khona, nomlilo ongacimi. |
Izoni eZiyoni ziyesaba; ukwesaba kwabamangaza abazenzisi. Ngubani phakathi kwethu ozohlala emlilweni oqothulayo? ngubani phakathi kwethu oyohlala emlilweni ophakade na?
Bayakuphuma babone izidumbu zamadoda aphambuke kimi; ngoba impethu yabo kayiyikufa, lomlilo wabo kawuyikucitsha; bayakuba yisinengiso kuyo yonke inyama.
Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;
Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.
olwelo lwakhe lusesandleni sakhe, aze ahlanze isibuya sakhe, abuthele ukolweni wakhe enqolobaneni; kepha amakhoba uyakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.
abayakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade basuke ebusweni beNkosi nasenkazimulweni yamandla ayo;
Yena uyakuphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu, elithululwa ngaphandle kokuxutshaniswa nendebe yentukuthelo yakhe; futhi uyohlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.
USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.
Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.