Nalowo ophuzisa omunye walaba abancinyane inkezo yodwa yamanzi abandayo egameni lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.
NgokukaMarku 9:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba loba ngubani ozalinathisa inkezo yamanzi ngenxa yebizo lami, ngoba lingabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. IsiZulu 2020 Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKhristu, ngiqinisile ngithi kini: akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba loba ngubani ozalinathisa inkezo yamanzi ngenxa yebizo lami, ngoba lingabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. |
Nalowo ophuzisa omunye walaba abancinyane inkezo yodwa yamanzi abandayo egameni lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.
Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.
Kepha uma umfowenu edabukiswa ngokudla, awusahambi ngokothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho, amfelayo uKristu.
Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.
Kodwa ngulowo lalowo esigabeni sakhe: UKristu ulibo; ngasemuva abangabakaKristu ekufikeni kwakhe.
Izinto nizibheka ngokubonakala kwangaphandle na? Uma umuntu ezithemba ukuthi ungokaKristu, makabuye acabange lokhu ngokwakhe, ukuthi njengoba yena engokaKristu, kanjalo nathi singabakaKristu.