NgokukaMarku 9:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabuza kuyise wathi: “Sekulesikhathi esinganani enze lokhu kuye? Wathi: Kusukela ebuntwaneni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na? Wathi: “Kwasebuntwaneni. IsiZulu 2020 UJesu wambuza uyise wathi: “Sekunesikhathi esingakanani kwenzeka kuyo lokhu na?” Wathi: “Kusukela isengumntwana. Baasraak Zulu New Testament Bible Wabuza kuyise wathi: “Sekulesikhathi esinganani enze lokhu kuye? Wathi: Kusukela ebuntwaneni. |
Basebemletha kuye; kwathi embona, masinyane umoya wamdweba; yawa phansi, yagiqika ikhihliza amagwebu.
Umphose kaningi emlilweni nasemanzini ukuba umbhubhise; kepha uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.
Nalo wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, uSathane ambophile, bheka, le minyaka eyishumi nesishiyagalombili bekungafanele yini akhululwe kulesi sibophelelo ngosuku lwesabatha na?
Owesifazana owayelomopho iminyaka elitshumi lambili, esechithe konke abephila ngakho ezinyangeni, engelakwelatshwa lamunye.
Kwakuhlezi indoda ethile eListra, ibuthakathaka ezinyaweni zayo, iyisigoga kwasesizalweni sikanina, engazange ihambe.
Kwakuthwala indoda ethile eyayilunyonga kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasesangweni lethempeli elithiwa Elihle, ukuba icele izipho kwabangena ethempelini;
Ngokuba lowo muntu esenziwe kuye lesi sibonakaliso sokuphulukisa wayeneminyaka engaphezu kwamashumi amane.
Wafumana khona umuntu othiwa ngu-Eneya, owayeselele iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi.