Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi, wathi: Thathani, lidle; lokhu kungumzimba wami.
NgokukaMarku 8:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi emhlabathini; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, ukuba bababele; bazibeka phambi kwabantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele; basabela isixuku. IsiZulu 2020 Wayeseyala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wabanika abafundi bakhe ukuze basabele; basabela-ke isixuku. Baasraak Zulu New Testament Bible Wayala isixuku ukuba sihlale phansi emhlabathini; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe, ukuba bababele; bazibeka phambi kwabantu. |
Kwathi besadla, uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wanika abafundi, wathi: Thathani, lidle; lokhu kungumzimba wami.
Lapho abayisikhombisa kwabayizinkulungwane ezine, nabutha iziqabetho ezingaki ezigcwele imvuthuluka na? Basebesithi: Ziyisikhombisa.
Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika.
(Kepha kwafika eminye imikhumbi evela eTiberiya eduze nendawo lapho ababedle khona isinkwa, ngemva kokuba iNkosi ibongile.)
Ohlonipha usuku ulugcina eNkosini; futhi lowo ongalunanzi usuku, eNkosini. Odlayo udla eNkosini, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo akadli ngenxa yeNkosi, futhi ubonga uNkulunkulu.
Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.
Ngokushesha nje lapho ningena emzini, niyomthola masinyane ngaphambi kokuba akhuphukele endaweni ephakeme ukuze adle; ngoba abantu abayikudla aze afike, ngoba ubusisa umhlatshelo; ngasemuva badla abamenyiweyo. Sukuma manje; ngoba ngalesisikhathi lizamthola.