Ngalokho uJehova wathi: “Ngokuba laba bantu basondela kimi ngomlomo wabo, bangidumisa ngezindebe zomlomo wabo, kepha inhliziyo yabo ikude nami, nokungesaba kwabo kufundiswa ngomyalo wabantu.
NgokukaMarku 7:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ IsiZulu 2020 bangikhonza ngeze, bafundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu. |
Ngalokho uJehova wathi: “Ngokuba laba bantu basondela kimi ngomlomo wabo, bangidumisa ngezindebe zomlomo wabo, kepha inhliziyo yabo ikude nami, nokungesaba kwabo kufundiswa ngomyalo wabantu.
Nathi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kunenzuzoni ukuthi sigcine ukwahlulela kwakhe, sihambe ngokulila phambi kukaJehova Sebawoti na?
Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
Uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
Kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zozalo, nokubanga, nokubanga ngomthetho; ngoba azisizi futhi ziyize.
Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.
Kodwa uyathanda yini ukwazi wena muntu oyize, ukuthi ukholo olungelamisebenzi lufile?
Ngokuba ngiyafakaza kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho sale ncwadi, uma umuntu enezela kulezizinto, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshwe kule ncwadi;