NgokukaMarku 7:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zonke lezi zinto ezimbi ziphuma ngaphakathi, zimngcolise umuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.” IsiZulu 2020 Zonke lezi zinto ezimbi zivela ngaphakathi, futhi ziyamngcolisa umuntu.” Baasraak Zulu New Testament Bible Zonke lezi zinto ezimbi ziphuma ngaphakathi, zimngcolise umuntu. |
Wathi kubo: Kanjalo nani aniqondi na? Anazi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu akunakumngcolisa;
ubusela, ukufisa, ububi, inkohliso, ukuxhwala, ilihlo elibi, inhlamba, ukuzigqaja, ubuthutha;
Wasuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire neSidoni, wangena endlini, ethanda ukuba kungaziwa muntu, kepha akakwazanga ukucasha.
Uma umuntu engcolisa ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha lowo; ngoba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele, eliyilo lina.
Kwabahlanzekile konke kuhlanzekile, kodwa kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho okuhlanzekileyo; kodwa ngisho ingqondo nonembeza wabo kungcolile.
Ngokunjalo lalaba baphuphi abangcolileyo bangcolisa inyama, badelele ukubusa, bakhulume kubi ngabahloniphekayo.