Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.
NgokukaMarku 7:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nenza izwi likaNkulunkulu libe yize ngesiko lenu enilivezileyo, neziningi ezinjalo niyazenza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.” IsiZulu 2020 Nilenza ize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu enalamukelayo, nokunye okuningi okunjalo enikwenzayo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Nenza izwi likaNkulunkulu libe yize ngesiko lenu enilivezileyo, neziningi ezinjalo niyazenza. |
Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.
Bheka-ke, uma izala indodana ebona zonke izono zikayise azenzile, iqaphele, ingenzi okunjalo,
ingahloniphi uyise noma unina; Kanjalo nenze umyalo kaNkulunkulu ube yize ngesiko lenu.
Ngoba abaFarisi lamaJuda wonke kabadli ngaphandle kokuthi bageze izandla kanengi, bebambe isiko labadala.
AbaFarisi nababhali basebembuza bathi: Kungani abafundi bakho bengahambi ngesiko labadala, kodwa badla isinkwa ngezandla ezingagezwanga?
futhi enkolweni yobuJuda ngadlula abaningi abayintanga yami esizweni sakithi, ngishisekela kakhulu amasiko awobaba.
umhawu, ukubulala, ukudakwa, ukuxokozela, nokunye okunjalo, enginitshela ngakho ngaphambili, njengalokho ngasho kini ngaphambili, ukuthi abenza okunjalo abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.