INkosi yasisithi kuye: Ngani? Wathi: Ngiyakuphuma, ngibe ngumoya wamanga emlonyeni wabo bonke abaprofethi bakhe. Futhi wathi: Kumele umkholise futhi futhi umnqobe; phuma wenze njalo.
NgokukaMarku 5:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njalo uJesu wahle wawavumela. Omoya abangcolileyo basebephuma, bangena ezingulubeni; umhlambi waphaphatheka, wehla eweni, waya elwandle, zingaba yizinkulungwane ezimbili, zaminza olwandle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle. IsiZulu 2020 Wayivumela. Yaphuma-ke imimoya engcolileyo, yangena ezingulubeni. Umhlambi wakhalakathela eweni, waphonseka olwandle; lowo mhlambi wawuyizi-2 000 zezingulube, ezaminza olwandle. Baasraak Zulu New Testament Bible Njalo uJesu wahle wawavumela. Omoya abangcolileyo basebephuma, bangena ezingulubeni; umhlambi waphaphatheka, wehla eweni, waya elwandle, zingaba yizinkulungwane ezimbili, zaminza olwandle. |
INkosi yasisithi kuye: Ngani? Wathi: Ngiyakuphuma, ngibe ngumoya wamanga emlonyeni wabo bonke abaprofethi bakhe. Futhi wathi: Kumele umkholise futhi futhi umnqobe; phuma wenze njalo.
UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; ungabeki isandla sakho kuye. USathane wayesesuka ebusweni bukaJehova.
Wayesethi uJehova kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; kodwa usindise impilo yakhe.
Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.
Abelusi bezingulube babaleka, babika emzini nasemaphandleni. Base bephuma ukuyobona ukuthi kwenzekeni.
Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.
Owenyukela ezulwini, ongakwesokunene sikaNkulunkulu; izingelosi, namandla, namandla, kuthotshiswe phansi kwakhe.
Njalo nxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uzakhululwa entolongweni yakhe;
Zazinenkosi phezu kwazo, ingelosi yakwalasha, egama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi uApoliyoni.