NgokukaMarku 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lalelani; Bheka, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. IsiZulu 2020 “Lalelani! Kwakukhona umuntu owaphuma ukuyohlwanyela. Baasraak Zulu New Testament Bible Lalelani; Bheka, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela; |
Lalela, ndodakazi, ubeke indlebe, ubeke indlebe yakho; khohlwa abantu bakho nendlu kayihlo;
Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, nakusihlwa ungagodli isandla sakho, ngokuba awukwazi ukuthi iyakuphumelela, noma lokhu noma lokhuya, noma ziyakuba zinhle zombili ngokulingana.
Ngizwe, wena ndlu kaJakobe, kanye nayo yonke insali yendlu ka-Israyeli, enanithwala kwasesiswini, enanithwalwa kwasesiswini.
Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;
Wakhuluma kubo izinto eziningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.
Kwathi ekuhlanyeleni kwakhe, enye yawela ngasendleleni, kweza izinyoni zezulu, zayidla zayiqeda.
Kodwa uPetro wema labalitshumi lanye, waphakamisa ilizwi lakhe, wathi kubo: Madoda aJudiya, lani lonke elakhileyo eJerusalema, lokhu kakwaziwe kini, lilalele amazwi ami;
Zwana-ke, Israyeli, izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.
Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo kayikulinyazwa ngukufa kwesibili.
Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.