NgokukaMarku 4:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi: “Umbuso kaNkulunkulu unjengoba umuntu ephonsa inhlanyelo emhlabathini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi: “Unjalo umbuso kaNkulunkulu; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini, IsiZulu 2020 Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu unje: ufana nomhlwanyeli ophonsa imbewu emhlabathini, Baasraak Zulu New Testament Bible Wathi: “Umbuso kaNkulunkulu unjengoba umuntu ephonsa inhlanyelo emhlabathini; |
Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, nakusihlwa ungagodli isandla sakho, ngokuba awukwazi ukuthi iyakuphumelela, noma lokhu noma lokhuya, noma ziyakuba zinhle zombili ngokulingana.
Nibusisiwe nina enihlwanyela ngasemanzini onke, nithuma imilenze yenkomo neyembongolo.
Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.
Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;
Wakhuluma kubo izinto eziningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.
Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nembewu yesinaphi, ayithabatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;
Wakhuluma kubo omunye umfanekiso; Umbuso wezulu ufana nemvubelo, ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila yonke.
Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.
Alale, avuke ubusuku nemini, imbewu ihlume, ikhule, yena engazi ukuthi kanjani.
Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla zayidla.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma uhlamvu lukakolweni luwela emhlabathini futhi lufe, luhlala lodwa; kepha uma lufa, luthela isithelo esiningi.