Bheka, uZadoki nawo onke amaLevi babe naye abathwala umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; bawubeka phansi umphongolo kaNkulunkulu; u-Abiyathara wenyuka, baze baqeda bonke abantu ukuphuma emzini.
NgokukaMarku 2:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu ezinsukwini zika-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa, ezingavunyelwe ukudliwa ngabapristi kuphela, wanika nababe naye? IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?” IsiZulu 2020 Akangenanga yini endlini kaNkulunkulu ngesikhathi sika-Abhiyathara, umphristi omkhulu, wadla izinkwa zobukhona bukaNkulunkulu ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngaphandle kwabaphristi kuphela, wayesenika nababenaye na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu ezinsukwini zika-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa, ezingavunyelwe ukudliwa ngabapristi kuphela, wanika nababe naye? |
Bheka, uZadoki nawo onke amaLevi babe naye abathwala umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; bawubeka phansi umphongolo kaNkulunkulu; u-Abiyathara wenyuka, baze baqeda bonke abantu ukuphuma emzini.
Ngalokho oSadoki no-Abiyathara bawubuyisela umphongolo kaNkulunkulu eJerusalema, bahlala khona.
Abanabo abapristi oSadoki no-Abiyathara na? ngakho khuluma konke okuzwa endlini yenkosi kuSadoki loAbiyathara abapristi.
uSadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Ahimeleki, indodana ka-Abiyathara, babengabapristi; uSeraya wayengumlobi;
Wabonisana noJowabe indodana kaSeruya no-Abiyathara umpristi, bamlandela u-Adoniya.
Inkosi uSolomoni yasiphendula yathi kunina: Umcelelani u-Adoniya u-Abishagi waseShunemi na? mceleni nombuso; ngokuba ungumnewethu; naye, no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.
UBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwempi, noSadoki no-Abiyathara bengabapristi.
UShemaya indodana kaNethaneli, umbhali, omunye wamaLevi, waliloba phambi kwenkosi nezikhulu noSadoki umpristi no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara naphambi kwezinhloko zezindlu zawoyise babapristi namaLevi; zithathelwe u-Eleyazare, nenye eka-Itamari.
Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa, okwakungavunyelwe yena ukuthi azidle, nalabo ababenaye, kubapristi bodwa?
Wathi kubo: “Anizange nifunde yini uDavida akwenzayo lapho eswele, elambile, yena nababe naye?
UDavide wayeseya ku-Ahimeleki umpristi eNobi; u-Ahimeleki wesaba phambi kukaDavide, wathi kuye: “Yini ukuba uwedwa, kungekho muntu nawe?
Lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka ngemva kukaDavide eKehila, wehla ephethe indwangu ehlombe esandleni sakhe.
UDavide wazi ukuthi uSawule umenze okubi ngasese; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.”