Waphendula wathi kubo: Anifundanga yini ukuthi owabadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, na?
NgokukaMarku 2:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kubo: “Anizange nifunde yini uDavida akwenzayo lapho eswele, elambile, yena nababe naye? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye IsiZulu 2020 Wathi kubo: “Kanti anifundanga yini ngokwenziwa nguDavide mhla eswele, futhi elambile, yena nayehamba nabo na? Baasraak Zulu New Testament Bible Wathi kubo: “Anizange nifunde yini uDavida akwenzayo lapho eswele, elambile, yena nababe naye? |
Waphendula wathi kubo: Anifundanga yini ukuthi owabadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, na?
Bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo; anikaze nifunde ukuthi: Emlonyeni wezingane nabasancela uphelelisile ukudumisa na?
UJesu wathi kubo: “Anizange nifunde yini emibhalweni ukuthi: “Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi;
Kodwa mayelana lokuvuka kwabafileyo, kalifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu, esithi:
Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba.
Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi, wafa akashiyanga nzalo.
Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose esihlahleni ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: “Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe?
Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu ezinsukwini zika-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa, ezingavunyelwe ukudliwa ngabapristi kuphela, wanika nababe naye?