Ngashumayela ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizibambanga izindebe zami, Jehova, wena uyakwazi.
NgokukaMarku 2:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo. IsiZulu 2020 Kwase kubuthana isixuku; akwabe kusaba khona ndawo ngasemnyango. UJesu wayekhuluma izwi kubo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo. |
Ngashumayela ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizibambanga izindebe zami, Jehova, wena uyakwazi.
Kwathi uJohane esebotshiwe, uJesu wafika eGalili, etshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu;
Kepha yena waphuma, waqala ukumemezela kakhulu nokuyidalula leyondaba, kwaze kwaba yilapho uJesu engasenakukwazi ukungena emzini obala, kodwa waba ngaphandle ezindaweni eziyihlane;
Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini.
Kwathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; wayeseqala ukubafundisa okuningi.
Kusenjalo sekubuthene ixuku labantu, baze banyathelana, waqala ukuthi kubafundi bakhe kuqala: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.
Kwathi ngolunye usuku efundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma kuyo yonke imizi yaseGalile, naseJudiya, naseJerusalema, namandla eNkosi. Khona ukubaphulukisa.
Kwathi ngasemuva wahamba imizi ngemizi nemizana, eshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, nabayishumi nambili babenaye.
Labo abahlakazekile ngokushushiswa okwavela ngoStefanu badabula baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalishumayeli izwi kubaJuda kuphela.
Sebedabule izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulishumayela izwi e-Asiya;
Kwathi sebefakazile, beshumayela izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yamaSamariya.
Kodwa lithini? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi, izwi lokukholwa, esilishumayelayo;
Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.