NgokukaMarku 2:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabuye waphuma waya ngaselwandle; ixuku lonke laselisiza kuye, wabafundisa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waphuma futhi, waya ngaselwandle; isixuku sonke sabantu seza kuye, wabafundisa. IsiZulu 2020 UJesu wayesephuma futhi, waya ngasolwandle; sonke isixuku seza kuye, wayesesifundisa. Baasraak Zulu New Testament Bible Wabuye waphuma waya ngaselwandle; ixuku lonke laselisiza kuye, wabafundisa. |
Esadlula lapho uJesu wabona indoda, igama layo linguMathewu, ihlezi endaweni yokuthela, wathi kuyo: “Ngilandele. Wasuka-ke, wamlandela.
Kepha yena waphuma, waqala ukumemezela kakhulu nokuyidalula leyondaba, kwaze kwaba yilapho uJesu engasenakukwazi ukungena emzini obala, kodwa waba ngaphandle ezindaweni eziyihlane;
Wayesesuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya, ngaphesheya kweJordani; wabuye wabafundisa njengokwejwayela.
Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo.
Wayesebuye waqala ukufundisa ngaselwandle; kwabuthana kuye isixuku esikhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala olwandle; isixuku sonke sasiphezu kolwandle emhlabathini.