Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, futhi angibayalanga, angikhulumanga kubo; ezinhliziyweni zabo.
NgokukaMarku 13:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba abaningi bayakuza ngegama lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. IsiZulu 2020 Kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba abaningi bayakuza ngegama lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. |
Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, futhi angibayalanga, angikhulumanga kubo; ezinhliziyweni zabo.
Ngokuba abaningi bayakuza egameni lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi.
Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, nabakhethiweyo.
Nxa nisizwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kodwa ukuphela kungakafiki.
Mina ngize egameni likaBaba, kepha aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyamamukela yena.
Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu.
Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto.
Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.