NgokukaMarku 13:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka ukuthi amatshe anjani nezakhiwo ezingaka! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!” IsiZulu 2020 Kuthe lapho ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe, wathi kuye: “Mfundisi, ake ubheke ubuhle balawa matshe nobuhle balezi zakhiwo!” Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka ukuthi amatshe anjani nezakhiwo ezingaka! |
Amakherubi aphakamisa amaphiko awo, asuka emhlabeni phambi kwamehlo ami; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwabo.
Inkazimulo kaJehova yenyuka isuka ekherubini, yema embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, negceke lagcwala ukubenyezela kwenkazimulo kaJehova.
Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, uyakubona abakwenzayo na? nezinengiso ezinkulu indlu yakwa-Israyeli ezenzayo lapha, ukuba ngisuke ngide nendlu yami engcwele na? kodwa uphenduke futhi, njalo uzabona izinto ezesabekayo ezinkulu.