Kepha uJehoyada umpristi wathatha umphongolo, wabhoboza imbobo esivalweni sawo, wawubeka eceleni kwe-altare ngakwesokunene lapho umuntu engena endlini kaJehova; abapristi ababelinda umnyango babephethe yonke imali eyayilethwa endlini kaJehova.
NgokukaMarku 12:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wayesehlezi maqondana nesitsha somnikelo, wabona ukuthi isixuku siphonsa kanjani imali esitsheni somnikelo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu. IsiZulu 2020 UJesu wayesehlala phansi, maqondana nomphongolo womnikelo, wayebuka ukuthi isixuku sinikela kanjani umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babenikela kakhulu. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wayesehlezi maqondana nesitsha somnikelo, wabona ukuthi isixuku siphonsa kanjani imali esitsheni somnikelo; |
Kepha uJehoyada umpristi wathatha umphongolo, wabhoboza imbobo esivalweni sawo, wawubeka eceleni kwe-altare ngakwesokunene lapho umuntu engena endlini kaJehova; abapristi ababelinda umnyango babephethe yonke imali eyayilethwa endlini kaJehova.
Abapristi abakhulu basebethatha izinhlamvu zesiliva, bathi: Kakuvunyelwa ukuthi zifakwe emnikelweni, ngoba ziyintengo yegazi.
Kwase kufika umfelokazi othile ompofu, waphonsa amafadingi amabili okuyidenariyo.
UJesu wawakhuluma lawo mazwi ngasebhokisini lomnikelo efundisa ethempelini; ngoba ihola lakhe lalingakafiki.