NgokukaMarku 11:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wangena eJerusalema, ethempelini, waqalaza zonke izinto, sekuhlwile, waphuma waya eBethaniya nabayishumi nambili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili. IsiZulu 2020 UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini. Esebuke nxazonke, waphuma. Kuthe sekuhlwile, waya eBhethaniya nabali-12. Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wangena eJerusalema, ethempelini, waqalaza zonke izinto, sekuhlwile, waphuma waya eBethaniya nabayishumi nambili. |
“Ngaleso sikhathi ngiyakuphenya iJerusalema ngamakhandlela, ngihambele abantu abahlezi emibhedeni yabo, abathi enhliziyweni yabo: ‘UJehova akenzi okuhle nokubi.
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.