NgokukaMarku 10:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. IsiZulu 2020 Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa, uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. |
UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.
Wabadala owesilisa nowesifazane; wababusisa, wababiza ngokuthi u-Adamu mhla badalwa.
Ngokuba ngalezo zinsuku kuyakuba-khona usizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudala akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.
Ngokuba okungabonwayo kwakhe, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, kuqondakala ngezenzo zakhe; ukuze bangabi lezaba;
bethi: Siphi isithembiso sokufika kwakhe? ngoba selokhu okhokho balala, zonke izinto zimi njengoba zazinjalo kusukela ekuqaleni kokudalwa.
Uma oyise noma abafowabo beza kithi bezokhononda, siyakuthi kubo: ‘Yibani umusa ngenxa yethu, ngokuba asigcinanga, kube yilowo nalowo umkakhe empini, ngokuba anibanikanga bona ngalesi sikhathi; ukuthi uzakuba lecala.