Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.
NgokukaMarku 10:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungadlelezeli, yazisa uyihlo lonyoko. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.” IsiZulu 2020 Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.” Baasraak Zulu New Testament Bible Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungadlelezeli, yazisa uyihlo lonyoko. |
Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.
UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo lonyoko.
Ngoba lokhu ukuthi: Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungafi; uma kukhona omunye umyalo, kufinyelelwe kuleli zwi lokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
Ngakho-ke ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe, ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
Ngokuba umthetho wonke ugcwaliswa ezwini linye nakuleli; Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.
Ngoba owathi: Ungafebi, wathi futhi: Ungabulali. Kepha uma ungafebi, kepha ubulala, useqamthetho.