Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
NgokukaMarku 1:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukukhothama ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. IsiZulu 2020 Wayeshumayela ethi: “Emva kwami kuza onamandla kunami, engingafanele nokuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukukhothama ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. |
Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
Kodwa uJohane wamalela, esithi: Mina ngiswela ukubhabhathizwa nguwe, kanti wena uza kimi yini?
UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; wadla izinkumbi nezinyosi zasendle;
UJohane waphendula, wathi kubo bonke: Mina nginibhapathiza ngamanzi; kodwa uyeza onamandla kunami, engingafanele ukuwuthukulula umchilo wezicathulo zakhe;
nguye oza emva kwami, omi phambi kwami, engingafanele ukuthukulula umchilo wesicathulo sakhe.
Kwathi uJohane eseqedile ukuhamba kwakhe, wathi: Nithi ngingubani na? Angiyena. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe ezinyaweni zakhe.
UPawuli wasesithi: UJohane wabhabhathiza umbhabhathizo wokuphenduka, esithi ebantwini ukuthi bakholwe kuye ozayo emva kwakhe, onguKristu Jesu.
Wasukuma wakhothama ngobuso emhlabathini, wathi: “Bheka, incekukazi yakho mayibe yisigqila sokugeza izinyawo zezinceku zenkosi yami.”