NgokukaMarku 1:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu waba nesihe, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” IsiZulu 2020 UJesu egcwele isihawu, welula isandla sakhe, wamthinta, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu waba nesihe, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka. |
Kodwa ebona izixuku waba lesihelo ngazo, ngoba zazidiniwe, zihlakazekile njengezimvu ezingelamalusi.
Kwasekusiza kuye onochoko, emncenga, eguqa phambi kwakhe, esithi kuye: Uba uthanda, ungangihlambulula.
Wasevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: Thula, uthi cwaka. Umoya wanqamuka, kwaba khona ukuthula okukhulu.
Wabamba isandla somntwana, wathi kuye: “Thalitha, kumi; okungukuthi ngokuhunyushwa: Ntombakazi, ngithi kuwe: Vuka.
Kwathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; wayeseqala ukubafundisa okuningi.
Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;
Ngakho kwamfanela ukuthi afane labafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu olesihawu lothembekileyo ezintweni ezimayelana loNkulunkulu, ukuze enze inhlawulo yokuthula ngezono zabantu.
Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.