Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
NgokukaMarku 1:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJohane wabhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka kukho ukuthethelelwa kwezono. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. IsiZulu 2020 Kwavela uJohane ebhabhadisa ehlane, eshumayela umbhabhadiso wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. Baasraak Zulu New Testament Bible UJohane wabhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka kukho ukuthethelelwa kwezono. |
Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.
Naye uJohane wayebhapathiza e-Enoni eduze neSalimi, ngokuba amanzi ayemaningi lapho; beza babhapathizwa.
Niyalazi izwi elamenyezelwa kulo lonke elaseJudiya, liqala eGalile emva kobhapathizo alushumayelayo uJohane;
Manje ulibelelani na? sukuma ubhapathizwe, uhlanze izono zakho, ubize igama leNkosi.