NgokukaMarku 1:22 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali. IsiZulu 2020 Abantu bamangaliswa ngukufundisa kwakhe, ngokuba wayebafundisa njengonegunya, hhayi njengezazimthetho. Baasraak Zulu New Testament Bible Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali. |
Esefikile ezweni lakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala bathi: “Lo ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?
Ngokuba ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha, abangayikuphika noma ukumelana nabo bonke abamelene nani.
Kodwa sizilahlile izinto ezifihlakeleyo zehlazo, kasihambi ngobuqili, singaphambanisi ilizwi likaNkulunkulu; kodwa ngokuveza iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.