Eqhubeka esuka lapho wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wasebabiza.
NgokukaMarku 1:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi eqhubeka ingcosana, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini belungisa amanetha abo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha. IsiZulu 2020 Esehambe ibangana elifishane, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besesikebheni, belungisa amanetha abo. Baasraak Zulu New Testament Bible Wathi eqhubeka ingcosana, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini belungisa amanetha abo. |
Eqhubeka esuka lapho wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wasebabiza.
Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
Kwasekusiza kuye uJakobe loJohane, amadodana kaZebedewu, besithi: Mfundisi, sithanda ukuthi usenzele loba yini esizayicela.
noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; wabaqamba ngokuthi uBowanerges, okungukuthi, amadodana okuduma;
Akavumelanga muntu ukuba amlandele, kuphela uPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe.
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waguqulwa isimo phambi kwabo.
Kwakundawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, namadodana kaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe.
Sebengenile bakhuphukela ekamelweni eliphezulu, lapho kwakuhlala khona oPetru, noJakobe, noJohane, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni Zelote, uJuda umfowabo kaJakobe.