Mathewu 8:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Esefike ngaphesheya ezweni lamaGergasi, kwahlangana naye ababili ababenamademoni, bephuma emathuneni, benolaka olukhulu, kwaze kwangadlula muntu ngaleyondlela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela. IsiZulu 2020 Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, wahlangana nabantu ababili abanamadimoni, bephuma emathuneni. Babeyingozi kakhulu kangangokuthi kwakungekho muntu owayengalokotha adlule ngaleyo ndlela. Baasraak Zulu New Testament Bible Esefike ngaphesheya ezweni lamaGergasi, kwahlangana naye ababili ababenamademoni, bephuma emathuneni, benolaka olukhulu, kwaze kwangadlula muntu ngaleyondlela. |
Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.
Kepha abantu bamangala, bathi: “Umuntu onjani lo ukuthi nemimoya nolwandle kuyamlalela na?
Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.
Lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, esexoshile izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa. Mkhulu futhi unamandla kunawe;
Emihleni kaSamgari indodana ka-Anati emihleni kaJayeli imigwaqo yayingenamuntu, abahambi babehamba emigwaqweni.