Mathewu 8:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” IsiZulu 2020 UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.” Baasraak Zulu New Testament Bible UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda. |
Lapho izinyoni zakha khona izidleke zazo, nonogolantethe, imisayipuresi iyikhaya lakhe.
Kepha mina ngimpofu nompofu; nokho uJehova uyangikhumbula: Wena ulusizo lwami nomsindisi wami; ungalibali, Nkulunkulu wami.
Kepha mina ngimpofu, ngidabukile; insindiso yakho, Nkulunkulu, mayingiphakamisele phezulu.
Yebo, inkonjane ithole indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ingabeka khona amazinyane ayo, okungukuthi ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.
Ngabona emibonweni yasebusuku, bheka, kwafika onjengeNdodana yomuntu namafu ezulu, weza koMdala Wezinsuku, bamsondeza phambi kwakhe.
Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
Kwathi uJesu esefikile emikhawulweni yeKesariya yeFiliphi, wabuza abafundi bakhe, wathi: Abantu bathi mina iNdodana yomuntu ngingubani?
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Sebehla entabeni, uJesu wabayala, wathi: “Ningatsheli muntu umbono, ize ivuke kwabafileyo iNdodana yomuntu.
UJesu wasesithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Lina elingilandelayo, ekuzalweni kutsha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, lani lizahlala ezihlalweni zobukhosi ezilitshumi lambili, lahlulele izizwe ezilitshumi lambili zakoIsrayeli.
Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.
Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu nayo iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;
Ngithi kini: Uzabalungisela masinyane. Nokho nxa ifika iNdodana yomuntu, iyakufumana ukukholwa emhlabeni na?
Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kini; Niyakufumana umntwana esongwe ezindwangu, elele emkhombeni.
Wazala izibulo lakhe, wayisonga ngezindwangu, walilalisa emkhombeni; ngoba kwakungelandawo yabo endlini yezihambi.
Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu.
NoJowana umkaKhuza inceku kaHerode, noSusana, nabanye abaningi, ababemkhonza ngempahla yabo.
UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.
Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.
Isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uhlala phakade; usho kanjani ukuthi: INdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu na?
Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazinyulisiwe kuyo.
Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.
Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa;
Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;
UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini.
Wathi: “Bheka, ngibona amazulu evulekile, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.