Mathewu 7:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba wayebafundisa njengonamandla, kungenjengababhali babo. IsiZulu 2020 ngokuba wayebafundisa njengonegunya, kungenjengezazimthetho zabo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali. |
INkosi uJehova inginike ulimi lwabafundileyo, ukuze ngikwazi ukukhuluma izwi ngesikhathi esifanele kokhatheleyo;
Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.
UJesu wasondela wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.
Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, umenza ukuba aphinge;
Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele;
Ngokuba ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha, abangayikuphika noma ukumelana nabo bonke abamelene nani.