Umuhle ngaphezu kwabantwana babantu; umusa uthululiwe ezindebeni zakho; ngalokho uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.
Mathewu 7:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe; IsiZulu 2020 Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma la mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe, Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe. |
Umuhle ngaphezu kwabantwana babantu; umusa uthululiwe ezindebeni zakho; ngalokho uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.
Kwathi uJesu eseqedile ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukufundisa nokushumayela emizini yakubo.
Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani;
Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; yawa: kwaba kukhulu ukuwa kwayo.
Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali.
Ababhali nabapristi abakhulu bezwa lokho bafuna ukuthi bangambulala kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe.
Kwathi sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni; abaningi abamuzwayo bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu na? Yikuhlakanipha kuni lokhu akuphiweyo, ukuthi le misebenzi yamandla enje yenziwa ngezandla zakhe na?
Bonke bafakaza ngaye, bamangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe. Basebesithi: Lo kayisiyo indodana kaJosefa yini?