Wathi kumuntu: “Bheka, ukumesaba uJehova kungukuhlakanipha; nokudeda ebubini kungukuqondisisa.
Mathewu 7:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. IsiZulu 2020 “Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala; |
Wathi kumuntu: “Bheka, ukumesaba uJehova kungukuhlakanipha; nokudeda ebubini kungukuqondisisa.
Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova; bonke abenza imiyalo yakhe banengqondo enhle; ukudunyiswa kwakhe kumi kuze kube phakade.
Ngiyaqonda kunabo bonke abafundisi bami, ngokuba izifakazelo zakho ziyikuzindla kwami.
Njengokudlula kwesivunguvungu, kanjalo omubi akabe esaba khona, kepha olungileyo uyisisekelo esiphakade.
Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esitshiyozayo siyakuwa.
Ukuhlakanipha kohlakaniphileyo kungukuqonda indlela yakhe, kepha ubuwula beziwula buyinkohliso.
Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu, nodadewethu, nomame.
Nami ngithi kuwe: Wena unguPetru, phezu kwalelidwala ngiyakulakha ibandla lami; futhi amasango esihogo ngeke alinqobe.
Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi esifaneleyo na?
Kodwa ezihlakaniphileyo zaphendula zathi: Hatshi; hlezi angasaneli thina lani; kodwa hambani kakhulu kwabathengisayo, lizithengele.
Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya kuleyo ndlu; kepha kayiwa, ngokuba yayisekelwe phezu kwedwala.
Njalo yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi;
Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.
Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe.
Ngokuba akusibo abezwa umthetho abalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenza umthetho yibona abayakulungisiswa.