Wabheka, bheka, nanto iqebelengwane elibhakiwe phezu kwamalahle, nembiza yamanzi ngasekhanda lakhe. Wadla, waphuza, wabuye walala;
Mathewu 6:32 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. IsiZulu 2020 Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke. |
Wabheka, bheka, nanto iqebelengwane elibhakiwe phezu kwamalahle, nembiza yamanzi ngasekhanda lakhe. Wadla, waphuza, wabuye walala;
Kubantu abayisandla sakho, Jehova, kubantu bomhlaba abanesabelo sabo kulokhu kuphila, nesisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho efihliweyo; bagcwele abantwana bashiyela abancane babo okusalayo.
Futhi ingabe uyazifunela izinto ezinkulu? ungabafuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela ububi phezu kwayo yonke inyama,” usho uJehova; kepha ngiyakukunika ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke oya kuzo.
Ngakho maningafani nabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikusweleyo ningakaceli kuye.
Ngokuba konke lokho izizwe zomhlaba ziyakudinga; uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho.
Ngakho-ke lokhu ngiyakusho, ngifakaza eNkosini, ukuthi ningabe nisahamba njengabanye abezizwe ebuzeni bengqondo yabo;
Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu.