Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo, uzibuthele kona; kuyakuba ngukudla kwakho nokwazo.
Mathewu 6:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anizincono kakhulu na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na? IsiZulu 2020 Bhekani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni, nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Nina anizidluli yini kakhulu na? Baasraak Zulu New Testament Bible Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anizincono kakhulu na? |
Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo, uzibuthele kona; kuyakuba ngukudla kwakho nokwazo.
Ngubani osifundisa ngaphezu kwezilwane zomhlaba nosenza sihlakaniphe kunezinyoni zezulu na?
Ngubani onika igwababa ukudla kwalo? lapho abancane bakhe bekhala kuNkulunkulu, bayazulazula ngokuswela ukudla.
Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke.
Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe na?
Wasesithi: Lokhu ngizakwenza: ngizadiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu; ngizabuthela khona zonke izithelo zami lempahla yami.