Mathewu 5:47 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza lukhulu luni na? Abenzi njalo nabezizwe na? IsiZulu 2020 Nalapho nibingelela abafowenu kuphela, yini ebalulekile eniyenzayo ngalokho na? Kanti abenzi yini kanjalo nabezizwe na? Baasraak Zulu New Testament Bible Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na? |
Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na?
Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zithanda abazithandayo.
Khonzani kubazalwane baseLawodikeya, nakuNimfa, nasebandleni elisendlini yakhe.
Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa ngenxa yokona na? kepha uma nenza kahle nihlupheka ngenxa yalokho, nikubekezelela, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu.