Mathewu 5:45 - Contemporary Zulu Bible 2024 ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. IsiZulu 2020 ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile. Baasraak Zulu New Testament Bible ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile. |
Futhi abasho enhliziyweni yabo ukuthi: “Masesabe uJehova uNkulunkulu wethu onisa imvula, eyokuqala neyokugcina ngesikhathi sayo; Usigcinela amasonto amisiwe okuvuna.
Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu.
Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.
Nokho akazishiyanga engenabufakazi, ngokwenza okuhle, esinika imvula evela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokudla nangentokozo.
ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenacala phakathi kwesizwe esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni;
Wonke ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono; ngokuba imbewu yakhe ihlezi kuye, angoni, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.