Mathewu 5:30 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. IsiZulu 2020 Noma lapho isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. Baasraak Zulu New Testament Bible Uma isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle; |
Kodwa kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana; kuthi sekuvele usizi nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.
Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”
Ngakho-ke uma isandla sakho noma unyawo lwakho kukukhubekisa, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukungena ekuphileni ulunyonga noma ulunyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili noma izinyawo zombili.
Inkosi yathi ezincekwini: ‘Mbopheni izinyawo nezandla, nimkhiphe, nimkhiphe ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Weza obamukele amatalenta ayisihlanu, waletha amanye amatalenta ayisihlanu, wathi: ‘Nkosi, wanginika amathalenta ayisihlanu; bheka, ngizuze amanye amatalenta ayisihlanu.’
Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke.
Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo.
Kepha ngiyakunibonisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele abe namandla okuphonsa esihogweni; yebo, ngithi kini: Mesabeni yena.
Bekungaba ngcono kuye ukuba itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.
njengokulotshiweyo ukuthi: Khangela, ngibeka eZiyoni ilitshe lokuwisa ledwala lokuwisa;
Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kusesekhona, funa ngimkhubekise umzalwane wami.
Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisashushiselwani na? khona-ke icala lesiphambano liphelile.
netshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, kwabakhubekayo ngezwi ngokungalilaleli, ababemiselwe lokho futhi.