Mathewu 5:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. IsiZulu 2020 Uma iso lakho lesokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. Baasraak Zulu New Testament Bible Uma iso lakho lokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle; |
Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?
Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”
Ngokuba kukhona abathenwa, abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa, abathenwa ngabantu; Lowo okwaziyo ukuwemukela, makawemukele.
Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba nizungeza ulwandle nomhlaba ukwenza oyedwa ophendukela kumaJuda, futhi lapho esenziwe, nimenza umntwana wesihogo ngokuphindwe kabili kunani.
Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo.
Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, alahlekelwe umphefumulo wakhe?
Kepha ngiyakunibonisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele abe namandla okuphonsa esihogweni; yebo, ngithi kini: Mesabeni yena.
sisazi lokhu, ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye laye, ukuze umzimba wesono ubhujiswe, ukuze singabe sesikhonza isono;
Ngokuba uma niphila ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.
Kepha ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, funa kuthi, nxa sengishumayele kwabanye, mina ngokwami ngilahlwe.
Ngakho bulalani amalungu enu asemhlabeni; ubufebe, ukungcola, inkanuko, inkanuko embi, lokuhaha, okuyikukhonza izithombe;