Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi, wazihlaba, wapheka ukudla kwazo ngezitsha zezinkabi, wanika abantu, badla. Wasuka-ke, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.
Mathewu 4:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. IsiZulu 2020 Bashiya amanetha abo ngokushesha, bamlandela. Baasraak Zulu New Testament Bible Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela. |
Wabuya ekumlandeleni, wathatha izinkabi, wazihlaba, wapheka ukudla kwazo ngezitsha zezinkabi, wanika abantu, badla. Wasuka-ke, wamlandela u-Eliya, wamkhonza.
Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.
UPetru waphendula, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela; siyakufumanani na?
Eqhubeka esuka lapho wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wasebabiza.
ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi.