Mathewu 4:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” IsiZulu 2020 Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqala ukushumayela, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele. |
Kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzula, nabafuzulayo bayawuthatha.
Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.
Wababekela omunye umfanekiso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;
Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa olwandle, labutha zonke izinhlobo;
Khona umbuso wezulu uyakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.
Kodwa hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.
Kanjalo, ngithi kini: Kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.
Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangadingi kuphenduka.
Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.
UJesu yena waqala eneminyaka engaba ngamashumi amathathu (njengoba kwakucatshangwa) indodana kaJosefa, indodana kaHeli,
Sebezwile lezizinto bathula, bamdumisa uNkulunkulu, besithi: Ngakho uNkulunkulu unikile labezizwe ukuphendukela ekuphileni.
Nezikhathi zokungazi uNkulunkulu wazishaya indiva; kepha manje uyala abantu bonke ezindaweni zonke ukuba baphenduke;
UPetru wayesethi kubo: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono, khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.
ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.
kodwa ngabika kuqala kwabaseDamaseku, naseJerusalema, nakuzo zonke izindawo zaseJudiya, nakwabezizwe, ukuba baphenduke, baphendukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.
Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;
Ngakho-ke masiyeke iziqondiso zesifundiso sikaKristu, siqhubekele ekupheleleni; singabeki futhi isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, lokukholwa kuNkulunkulu;