Kwathi uJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika eJerusalema izazi zivela empumalanga,
Mathewu 3:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwaphumela kuye iJerusalema, neJudiya lonke, nesifunda sonke saseJordani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona kwaphumela kuye iJerusalema, neJudiya lonke, nezwe lonke laseJordani, IsiZulu 2020 Kweza kuye iJerusalema, nalo lonke iJudiya, nazo zonke izifunda ezizungeze iJordani, Baasraak Zulu New Testament Bible Kwaphumela kuye iJerusalema, neJudiya lonke, nesifunda sonke saseJordani. |
Kwathi uJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika eJerusalema izazi zivela empumalanga,
Kwamlandela izixuku eziningi zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.
Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.
Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, wonke umuntu ufukamela kuwo.
Weza ezweni lonke laseJordani, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka kukho ukuthethelelwa kwezono;
Khona wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye: “Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela ulaka oluzayo na?
Naye uJohane wayebhapathiza e-Enoni eduze neSalimi, ngokuba amanzi ayemaningi lapho; beza babhapathizwa.
Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo, nina-ke nathanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.