Mathewu 28:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu; wagijima wabikela abafundi bakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima baya ukubikela abafundi bakhe. IsiZulu 2020 Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu; wagijima wabikela abafundi bakhe. |
Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile; niyakumbona lapho; bhekani, nginitshelile.
Kwathi besaya ukubikela abafundi bakhe, bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona! Base besondela, bambamba izinyawo, bakhuleka kuye.
Base bephuma masinyane, babaleka ethuneni; ngokuba babethuthumela, bamangala; ngoba babesaba.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula;
Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona.