Ubaba wangifungisa wathi: Bheka, ngiyafa; ethuneni lami engazimbela lona ezweni laseKhanani, lapho uyakungimbela. Manje-ke ake ngikhuphuke ngingcwabe ubaba, futhi ngizobuya.
Mathewu 27:60 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. IsiZulu 2020 wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni; wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. Baasraak Zulu New Testament Bible Wawubeka ethuneni lakhe elisha abeligubhe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wamuka. |
Ubaba wangifungisa wathi: Bheka, ngiyafa; ethuneni lami engazimbela lona ezweni laseKhanani, lapho uyakungimbela. Manje-ke ake ngikhuphuke ngingcwabe ubaba, futhi ngizobuya.
Yini onayo lapha? Ungubani wena lapha, ukuthi uzimbele ithuna lapha, njengalokhu ezigenca ithuna phezulu, ezigenca indawo yokuhlala edwaleni, na?
Futhi wenza ithuna lakhe kanye nababi kanye nabacebile ekufeni kwakhe; ngoba akenzanga ubudlova, futhi kwakungekho nkohliso emlonyeni wakhe.
Kwathi uJosefa esesithathile isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni ehlanzekileyo.
Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yalisusa, yahlala phezu kwalo.
Ngakho uJesu ebubula futhi phakathi kwakhe wafika ethuneni. Lalingumhume, kubekwe itshe phezu kwawo.
Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.
Kwakukhona insimu endaweni lapho wayebethelwe khona esiphambanweni; nasensimu ithuna elisha, okungakabekwa muntu kulo.
Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni.