Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Kungani nikude kangaka ekungisizeni nasemazwini okubhonga kwami na?
Mathewu 27:46 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” IsiZulu 2020 Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? |
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Kungani nikude kangaka ekungisizeni nasemazwini okubhonga kwami na?
Kepha kwaba kuhle kuJehova ukumchoboza; waba lusizi; uma unikela umphefumulo wayo ube ngumnikelo wesono, iyakubona inzalo yayo, yandise izinsuku zayo, nokuthakazelelwa nguJehova kuyakuphumelela esandleni sayo.
Akulutho yini kini nonke enidlulayo? bhekani, nibone, uma lukhona usizi olunjengosizi lwami engabuzwa ngalo uJehova wangicindezela ngalo ngosuku lwentukuthelo yakhe.
Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani? okungukuthi ngokuhunyushwa: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?
UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.
Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;