Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Wabashiya, wahamba.
Mathewu 27:40 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.” IsiZulu 2020 bethi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise; uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni.” Baasraak Zulu New Testament Bible bethi: Wena odiliza ithempeli, ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise. Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni. |
Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Wabashiya, wahamba.
Bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngilakhe ngezinsuku ezintathu.
Wasindisa abanye; yena ngokwakhe akanakuzisindisa. Uma eyinkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, futhi sizomkholwa.
Kwathi induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu bebona ukuzamazama komhlaba nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.
Kwasekufika kuye umlingi wathi: Uba uyiNdodana kaNkulunkulu, yitsho ukuthi lawa matshe abe yizinkwa.
Wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe; itshe.
Wasesithi kuso: Uba bengalaleli uMozisi labaprofethi, kabayikuvunyiswa, loba kuvuka omunye kwabafileyo.
Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.