Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni.
Mathewu 27:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona wabakhululela uBaraba; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesebakhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni. IsiZulu 2020 UPilatu wayesebakhululela uBharabha, kodwa eseshayiwe uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona wabakhululela uBaraba; |
Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni.
Kodwa yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sokuthula kwethu sasiphezu kwakhe; nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina.
Bazamnikela kwabezizwe ukuthi baklolodelwe, babhaxabule, bambethele esiphambanweni, njalo ngosuku lwesithathu izabuya ivuke.
Bayakuyiklolodela, bayishaye, bayikhafulele, bayibulale, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.
Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.