Amakhosi omhlaba azilungisile, nababusi benza icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe, bathi:
Mathewu 27:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale; IsiZulu 2020 Kwathi sekusile, bonke abaphristi abakhulu namalunga esizwe bahlangana, bakha itulo lokumbulala uJesu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale; |
Amakhosi omhlaba azilungisile, nababusi benza icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe, bathi:
Ngokuba ngizwile ukuhleba kwabaningi; njengoba becebisana ngami, baceba ukususa umphefumulo wami.
Ngokuba izitha zami zikhuluma ngami; nabaqamekela umphefumulo wami bayacebisana;
Maye kulabo abaceba ububi futhi benze okubi emibhedeni yabo! ekukhanyeni kokusa bayakwenza, ngokuba kusemandleni esandla sabo.
Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.
Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu benza icebo namalunga nababhali nomphakathi wonke, bambopha uJesu bamuka naye, bamnikela kuPilatu.
Kwakukhona ngaleso sikhathi abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanise nemihlatshelo yabo.
Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga esizwe nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo, bathi:
Base bemhola uJesu kuKayafase bamusa endlini yokwahlulela; futhi bona abazange bangene endlini yokwahlulela, funa bangcoliswe; kodwa ukuze badle iphasika.
Sebezwile bangena ethempelini ekuseni kakhulu, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umkhandlu nawo onke amadoda amakhulu abantwana bakwa-Israyeli, bathumela etilongweni ukuba balethwe.
Kwasekutshelwa amaGasi ukuthi: USamsoni ufikile lapha. Bamhaqa bamlinda ubusuku bonke esangweni lomuzi, bathula ubusuku bonke, bathi: “Kusasa, uma kusile, sizombulala.”
USawule wayesethuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela lokho, wathi: “Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobu busuku, uyakubulawa kusasa;