Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
Mathewu 26:74 - Contemporary Zulu Bible 2024 Waseqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu. Lahle lakhala iqhude. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane lase likhala iqhude. IsiZulu 2020 UPhethro waqala ukuqalekisa nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu.” Masinyane, lakhala iqhude. Baasraak Zulu New Testament Bible Waseqala ukuthuka lokufunga, esithi: Kangimazi lumuntu. Lahle lakhala iqhude. |
Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.
UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Ngalobu busuku, lingakakhali iqhude, uzakungiphika kathathu.
Kwathi emva kwesikhashana beza kuye ababemi khona, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo; ngoba ukukhuluma kwakho kuyakuveza.
UPetru wakhumbula izwi likaJesu, alisho kuye ukuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu. Waphuma wakhala kamunyu.
Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.
UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla, ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.
Kepha waphika wathi: “Angikwazi, futhi angikuqondi okushoyo. Waphumela emnyango; lakhala iqhude.
UPetro wasesithi: Ndoda, kangikwazi okutshoyo. Masinyane, esakhuluma, iqhude lakhala.
Ngoba bengingathanda ukuthi mina ngokwami ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami, izihlobo zami ngokwenyama;
Wathi kunina: “Izinhlamvu eziyishumi nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; Ngayithatha. Unina wathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodana yami!
Kodwa kasiyikubanika abafazi bamadodakazi ethu, ngoba abantwana bakoIsrayeli bafunga besithi: Uqalekisiwe onika uBhenjamini umfazi.