Owethemba kweyakhe inhliziyo uyisiwula; kodwa ohamba ngokuhlakanipha uyakusindiswa.
Mathewu 26:70 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi okushoyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi lokhu okushoyo.” IsiZulu 2020 Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angazi ukuthi ukhuluma ngani.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi okushoyo. |
Owethemba kweyakhe inhliziyo uyisiwula; kodwa ohamba ngokuhlakanipha uyakusindiswa.
Wesaba, noma wesaba bani, uze uqambe amanga, ungacabangi ngami, ungakubekeli enhliziyweni na? angizange ngithule kusukela kudala, wena awungesabi na?
Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, nenhliziyo yonakele; ngubani ongakwazi?
Bheka, omunye kwababe noJesu welula isandla, wahosha inkemba yakhe, wagalela inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe.
Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.
Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho.
Kwathi ephumela egumeni, enye incekukazi yambona, yathi kwababekhona: Lo muntu ubenoJesu waseNazaretha.
Yebo; ngenxa yokungakholwa aphulwa, wena umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kodwa yesaba;
Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.