U-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu noShebina umbhali noJowaki indodana ka-Asafa umbusi beza kuHezekiya nezingubo eziklebhukile, bamtshela amazwi kaRabi Sake.
Mathewu 26:65 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. IsiZulu 2020 Umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisabadingelani ofakazi na? Nani senizizwele ngezindlebe zenu ehlambalaza. Baasraak Zulu New Testament Bible Umpristi omkhulu wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? bhekani, manje senikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. |
U-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu noShebina umbhali noJowaki indodana ka-Asafa umbusi beza kuHezekiya nezingubo eziklebhukile, bamtshela amazwi kaRabi Sake.
Kepha abesabanga, baziklebhula izingubo zabo, inkosi nezinceku zayo ezaziwezwa onke lawa mazwi.
noma umhlane oyisigwegwe, noma onesithunzi, noma onesici esweni lakhe, noma onokhwekhwe noma onotwayi, noma ochoboze amatshe akhe;
UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe, baklebhula izingubo zabo.
Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla, bathi: “Ngubani lo okhuluma inhlamba na? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa?
AbaJuda bamphendula bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle; kodwa ukuhlambalaza; langoba wena ungumuntu uzenza uNkulunkulu.
Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?
Kwathi abaphostoli oBarnabasi loPawuli bekuzwa, baklebhula izembatho zabo, bagijimela phakathi kwexuku, bememeza;