Mathewu 26:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase. IsiZulu 2020 Kwabuthana abaphristi abakhulu namalunga esizwe emzini womphristi omkhulu okuthiwa nguKhayifase. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase; |
Kodwa nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; futhi ngangingazi ukuthi babengicebele amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi nezithelo zawo, siwunqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lawo lingabe lisakhunjulwa.
Kepha uma ningangilaleli ukungcwelisa usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo, ningene ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha; ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacimi.
Khona amasosha ombusi amthatha uJesu amyisa enqabeni, abuthela kuye lonke ibutho.
Kwathi uPetro esegcekeni ngaphansi, kwafika enye yezincekukazi zomphristi omkhulu.
Sebebasile umlilo phakathi kwegceke, sebehlezi phansi ndawonye, uPetru wahlala phakathi kwabo.
U-Anase noKayafase bengabapristi abakhulu, izwi likaNkulunkulu lafika kuJohane indodana kaZakariya ehlane.
Kepha abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi, uma ekhona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.
Base bemhola uJesu kuKayafase bamusa endlini yokwahlulela; futhi bona abazange bangene endlini yokwahlulela, funa bangcoliswe; kodwa ukuze badle iphasika.