Mathewu 26:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngokuthela lawa mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungcwatshwa kwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba lapho ethela lawo mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa. IsiZulu 2020 Ngokuba lo wesifazane, ngokuthela lawa mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungilungisela ukumbelwa. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngokuthela lawa mafutha emzimbeni wami, ukwenzele ukungcwatshwa kwami. |
Bammbela emathuneni akhe ayemenzele wona emzini kaDavide, bamlalisa embhedeni ogcwele iziqholo nezinhlobo zonke zamakha alungiselwe ubuciko babathaki; futhi bamenzela umlilo omkhulu kakhulu.
Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.
Base bebuya, balungisa amakha namafutha; waphumula ngosuku lwesabatha ngokomthetho.